07-06-2024.

INKOMO ZASEKHAYA S4

Iqoqo elikhuthazwe kakhulu ubusika nezinkomo zasekhaya. Ukukhulela endaweni yasemakhaya eMgungundlovu eElandskop, kwadlala indima enkulu empilweni yami. Ukuthi ngingubani njengo Lembe? Omunye umuntu ungubani kumina? Nempilo iyini kahle hle kimi?

Leliqoqo ligxile kakhulu kwisigameko engisikhumbula kahle hle. Inkungu ntambama nezinkomo ezilele ngokuthula esibayeni.

Umlilo obasiwe owawugewele izindaba nontanga bami kanye nogogo. Sizoselela umbila amahora amade. Umqondo wami wawuhlale ubuza, "azigodoli yini lezo zinkomo"?

Ngabe ngibona ukuthi ukuhlangana kwazo nokuphilisana kwazo, yilokho okuzenza zidlule kulobunzima. Njengathi nje esothe umlilo sihlangene nemfudumalo. Leli qoqo liyisibonelo esihle kubo bonke abantu abaseningizimu Afrika.

Noma singabhekana naziphi izigameko, ubusika na yonke indlala. Masi ndawonye, sibumbene. Singanqoba konke!

Leliqoqo elenu bantu basekhaya.

Love -Lembe

Our Latest Drop

This is our latest drop. The “Summer Reign” jackets. Twin jackets coming in Black and Brown. The perfect pieces for a breezy summers day, for either him or her. 

1 of 3
1 of 3
1 of 5

Contact form